45. Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
46. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
47. Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”
48. Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.
49. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”
50. UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
51. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;
52. amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;
53. baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.