Ngokukamathewu 27:14-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.

15. Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda.

16. Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba.

17. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?”

18. Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.

19. Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”

20. Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.

21. Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?”Bathi: “UBaraba.”

22. UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?”Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”

Ngokukamathewu 27