Ngokukamathewu 27:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho.

13. Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?”

14. Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.

15. Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda.

Ngokukamathewu 27