9. Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.”
10. Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi;
11. ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.
12. Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa.
13. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”