Ngokukamathewu 25:33-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.

34. “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.

35. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;

36. ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’

Ngokukamathewu 25