Ngokukamathewu 25:32-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,

33. imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.

34. “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.

35. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;

36. ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’

37. “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?

38. Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na?

39. Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?’

Ngokukamathewu 25