32. kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
33. imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.
34. “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;
36. ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’
37. “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?
38. Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na?
39. Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?’