29. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
30. Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo.’
31. “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;
32. kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
33. imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.
34. “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;
36. ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’
37. “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?