Ngokukamathewu 25:25-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho.’

26. “Kepha inkosi yakhe yaphendula, yathi kuye: ‘Nceku embi nevilaphayo, ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona, ngibutha lapha ngingafazanga khona, na?

27. Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.

28. “ ‘Ngakho mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi.

29. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.

30. Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo.’

31. “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;

32. kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,

33. imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.

Ngokukamathewu 25