25. ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho.’
26. “Kepha inkosi yakhe yaphendula, yathi kuye: ‘Nceku embi nevilaphayo, ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona, ngibutha lapha ngingafazanga khona, na?
27. Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.
28. “ ‘Ngakho mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi.
29. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
30. Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo.’
31. “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;
32. kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
33. imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.