8. Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.
9. “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
10. Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane.
11. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.
12. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.
13. Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
15. “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele -- ofundayo makaqaphele --
16. khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,
17. ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,
18. osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
19. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!
20. Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha.
21. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.
22. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.
23. Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa.