48. Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’
49. iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,
50. inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo,
51. iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.