Ngokukamathewu 24:31-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

32. “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

33. Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

34. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.

35. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

36. “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.

37. Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

38. Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,

39. abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

40. Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe;

41. ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.

42. “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.

43. Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe.

44. Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.

Ngokukamathewu 24