Ngokukamathewu 23:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.

8. “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.

9. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.

10. Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.

11. Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.

12. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.

Ngokukamathewu 23