Ngokukamathewu 23:31-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.

32. Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo.

33. “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?

34. Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi

35. ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.

Ngokukamathewu 23