26. Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.
27. Emva kwabo bonke wafa umfazi.
28. Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”
29. Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
30. Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.
31. Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:
32. ‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”