Ngokukamathewu 22:23-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza

24. bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’

25. Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.

26. Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.

27. Emva kwabo bonke wafa umfazi.

28. Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”

Ngokukamathewu 22