23. Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza
24. bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’
25. Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.
26. Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.
27. Emva kwabo bonke wafa umfazi.
28. Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”