Ngokukamathewu 21:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,

2. wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi.

3. Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”

4. Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:

Ngokukamathewu 21