Ngokukamathewu 20:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu.*

10. Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu* ngabanye.

11. Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu,

12. bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’

13. “Waphendula, wathi komunye wabo: ‘Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu* na?

14. Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe.

Ngokukamathewu 20