Ngokukamathewu 2:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.

4. Wabutha bonke abapristi abakhulu nababhali besizwe, wabuza kubo ukuthi uKristu uzakuzalelwaphi.

5. Bathi kuye: “EBetlehema laseJudiya, ngokuba kulotshiwe kanjalo ngomprofethi ukuthi:

6. “ ‘Nawe Betlehema,lizwe lakwaJuda,kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda,ngokuba kuyakuvela kuwe umbusioyakwalusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”

7. Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso,

8. wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.”

9. Seziyizwile inkosi, zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo, yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona.

Ngokukamathewu 2