Ngokukamathewu 19:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?”

8. Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.

9. Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.”

10. Abafundi bathi kuye: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.”

11. Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli zwi, kuphela abakunikiweyo.

12. Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.”

Ngokukamathewu 19