Ngokukamathewu 18:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”

2. Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo,

3. wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.

Ngokukamathewu 18