Ngokukamathewu 17:5-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

6. Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.

7. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”

8. Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.

Ngokukamathewu 17