Ngokukamathewu 17:20-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.

21. Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”

22. Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu;

23. bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu.

24. Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?”

25. Wathi: “Uyayithela.”Esengene endlini uJesu wamandulela, wathi: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?”

Ngokukamathewu 17