Ngokukamathewu 17:13-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.

14. Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe,

15. wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.

16. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”

17. UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”

18. UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.

19. Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”

20. Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.

21. Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”

Ngokukamathewu 17