Ngokukamathewu 15:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;

9. kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”

10. Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde.

11. Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”

12. Khona kwasondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?”

13. Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.

Ngokukamathewu 15