Ngokukamathewu 15:33-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?”

34. Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?”Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”

35. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;

36. wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.

37. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele.

Ngokukamathewu 15