33. Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?”
34. Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?”Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”
35. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;
36. wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.
37. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele.