Ngokukamathewu 15:13-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.

14. Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”

15. UPetru waphendula, wathi kuye: “Sichasisele lo mfanekiso.”

16. Wayesethi: “Kanti nani nisengabangaqondiyo na?

17. Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na?

18. Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.

19. Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.

20. Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”

21. UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni.

22. Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”

23. Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.”

24. Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”

25. Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.”

26. Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”

27. Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”

28. Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.

29. Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona.

30. Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa,

Ngokukamathewu 15