Ngokukamathewu 14:31-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

32. Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka.

33. Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

34. Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha.

35. Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo.

36. Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.

Ngokukamathewu 14