Ngokukamathewu 14:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki* waluzwa udumo lukaJesu,

2. waze wathi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhapathizi; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.”

3. Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,

4. lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.”

5. Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.

Ngokukamathewu 14