Ngokukamathewu 13:37-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu;

38. insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;

39. kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.

40. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.

41. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,

42. zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

43. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.

Ngokukamathewu 13