Ngokukamathewu 13:36-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.”

37. Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu;

38. insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;

39. kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.

40. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.

41. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,

42. zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

43. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.

44. “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

45. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle;

46. eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.

47. “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo;

48. lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.

49. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,

50. zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

51. “Nikuqondile konke lokho na?”Bathi kuye: “Yebo.”

52. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”

53. Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho.

54. Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni* labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?

Ngokukamathewu 13