Ngokukamathewu 13:3-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

4. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.

5. Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.

6. Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.

7. Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.

8. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.

9. Onezindlebe makezwe.”

10. Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”

11. Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.

12. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.

Ngokukamathewu 13