3. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
4. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.
5. Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.
6. Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.
7. Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.
8. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
9. Onezindlebe makezwe.”
10. Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”
11. Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.
12. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.