Ngokukamathewu 13:2-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.

3. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

4. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.

5. Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.

6. Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.

7. Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.

8. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.

9. Onezindlebe makezwe.”

10. Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”

11. Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.

12. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.

13. Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.

14. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi:“ ‘Ngokuzwa niyakuzwa,ningaze naqonda;ngokubona niyakubona,ningaze nabonisisa;

Ngokukamathewu 13