Ngokukamathewu 13:14-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi:“ ‘Ngokuzwa niyakuzwa,ningaze naqonda;ngokubona niyakubona,ningaze nabonisisa;

15. ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni,bezwa kanzima ngezindlebe,amehlo abo bawacimezile,funa mhlawumbe babone ngamehlo,bezwe ngezindlebe,baqonde ngenhliziyo, baphenduke,ngibaphulukise.’

16. “Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.

17. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.

18. “Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.

19. Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.

20. Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza;

21. kepha kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.

22. Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.

23. Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.”

24. Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;

Ngokukamathewu 13