Ngokukamathewu 13:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle.

2. Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.

3. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

Ngokukamathewu 13