8. Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”
9. Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.
10. Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” -- ukuze bammangalele.
11. Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?
12. Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”