Ngokukamathewu 12:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”

9. Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.

10. Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” -- ukuze bammangalele.

11. Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?

12. Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”

Ngokukamathewu 12