Ngokukamathewu 12:28-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

29. “Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?

30. “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

31. Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.

32. Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.

33. “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.

34. Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

35. Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.

36. Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.

37. Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”

38. Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.”

39. Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.

40. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

41. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.

42. Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

Ngokukamathewu 12