Ngokukamathewu 11:13-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha, kwaze kwafika uJohane.

14. Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika.

15. Onezindlebe makezwe.

16. “Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi:

17. ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’

18. “Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: ‘Unedemoni.’

19. INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.”

20. Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi:

21. “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.

22. Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.

23. Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.

Ngokukamathewu 11