Ngokukamathewu 10:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.

15. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.

16. Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.

17. “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo.

18. Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.

19. “Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.

20. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.

21. “Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.

22. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.

23. Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.

Ngokukamathewu 10