Ngokukamathewu 1:21-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”

22. Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi:

23. “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.

24. UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe;

25. akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana; wayiqamba igama lokuthi uJesu.

Ngokukamathewu 1