23. UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
24. Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”
25. UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”
26. Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”
27. Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma.
28. Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”
29. Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”
30. Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu,
31. ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.”
32. Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.
33. Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?”
34. Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.
35. Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”
36. Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo:
37. “Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”
38. UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.”
39. Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami.
40. Ngokuba ongamelene nathi ungakithi.
41. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
42. Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle.
43. Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili,