18. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
19. Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”
20. Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.
21. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?Wathi: “Kwasebuntwaneni.
22. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”
23. UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
24. Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”
25. UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”
26. Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”
27. Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma.
28. Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”
29. Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”
30. Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu,
31. ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.”
32. Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.