10. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha.
11. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.
12. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.”
13. Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.
14. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini.
15. Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”
16. Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa.