7. kodwa bangikhonza ngezebefundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’
8. “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”
9. Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.
10. Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’
11. kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’
12. anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.