Ngokukamarku 7:3-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;

4. nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi --

5. abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”

6. Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,kepha inhliziyo yaso ikude nami;

7. kodwa bangikhonza ngezebefundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’

8. “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”

9. Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.

10. Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’

11. kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’

12. anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.

13. Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.”

14. Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde.

15. Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu.

16. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

17. Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso.

18. Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?

Ngokukamarku 7