Ngokukamarku 7:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’

12. anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.

13. Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.”

14. Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde.

15. Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu.

16. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

Ngokukamarku 7