Ngokukamarku 7:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema.

2. Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe --

3. ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;

4. nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi --

Ngokukamarku 7