Ngokukamarku 5:17-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.

18. Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye.

19. Akamvumelanga, kepha wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”

20. Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke.

21. Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.

22. Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge,* nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe,

23. wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”

24. Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.

25. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili,

Ngokukamarku 5