Ngokukamarku 4:31-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,

32. kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.”

33. Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa;

34. kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke.

Ngokukamarku 4