Ngokukamarku 4:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Wayesethi kubo: “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na?

22. Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala.

23. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

24. Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina.

25. Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.”

26. Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini,

27. alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani.

28. Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini.

Ngokukamarku 4