1. Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.
2. Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:
3. “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
4. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.