Ngokukamarku 4:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.

2. Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:

3. “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

4. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.

Ngokukamarku 4